null
US
Entrar
Registre-se gratuitamente
Registre-se
Detectamos que o JavaScript não está habilitado no teu navegador. Habilite o Javascript para o funcionamento correto do nosso site. Por favor, leia os
Termos e Condições
para mais informações.
Próximo
Copiar e Editar
Você deve estar logado para concluir esta ação!
Inscreva-se gratuitamente
27004490
Indaba emfushane IsiZulu (HL) Grade 9
Descrição
Isifundo
Sem etiquetas
grade 9
Slides por
Gerald Sibiya
, atualizado more than 1 year ago
Mais
Menos
Criado por
Gerald Sibiya
aproximadamente 4 anos atrás
360
0
0
Resumo de Recurso
Slide 1
Images+(2) (binary/octet-stream)
Slide 2
•Indaba emfushane indaba esiyilandiswa ngumlobi ngesigameko esithile. •Isihloko sendaba emfushane sisetshenziselwa ukuheha umfundi. •Imfushane, ivame ukuba namakhasiama-3 kuyakwayi-10. •Yethula umlingiswa othile nenkinga abhekenenayo, esikhathini esifushane, endaweni eqoqekile. •Ibhekana nesigameko esisodwa nje kuphela.
Izimpawu zendaba emfushane
Slide 3
Ukuze ukwazi ukusho ukuthi indaba emfushane ibhaleke kahle noma cha, landela nansi imigomo engezansi: •Abalingiswa bangaba babili noma babe bathathu kodwa bangeqi kwabahlanu. •Kumele ibe nento eyodwa ehlaba umfundi umxhwele ukuze akwazi ukuyiqeda. •Kumele umlobi akhethe isigameko esisodwa, isikhathi esifushane, endaweni eqoqekile. •Kumele ibe nomlingiswa oyedwa oqavile owenza izinto. •Kumele ibe nesakhiwo esibumbene–esinomuntu obheke ukuzuza okuthile (lowo muntu angaphumelela noma ehluleke).
Imigomo yokuhlaziya indaba emfushane
Slide 4
•Isihloko ukufinyezwa ngokuphelele kwendaba. •Abalingiswa. Umlingiswa oqavile : indaba yonke yakhelwe phezu kwakhe , kwezinye izindaba wethulwa ekuqaleni nje kwendaba ngisho noma ngabe akakhulumi ekuqaleni singezwa abanye abalingiswa bekhuluma ngaye . Abalingiswa ababalulekile : okuningi okuvelela umlingiswa oqavile kudalwa yilaba . Nabo bangatholakala kuyo yonke indaba. Indaba ngeke yayithatha indlela ehamba ngayo ukuba abekho . Abalingiswa abancane : abanalo iqhaza elingako kodwa endabeni ebhaleke kahle abekho abalingiswa abantantayo nje ngoba nabo laba abancane banamagama abo. Kuyenzeka omunye umlobi avele abachaze ngokuthi umfana ”, intombazane ” noma ingane ” kungabi nagama. •Izigameko okuthile okwenzekayo , okungathathwa ngokuthi kunesiqalo nesiphetho , okungahlukaniswa ngokuthi yizenzo ezibonakalayo kanye nemicabango •Isikhathi izigameko endabeni zingenzeka esikhathini sakudala noma samanje. Ziba khona izinto endabeni ezivezayo ukuthi indaba yenzeka nini. •Indawo ingathathwa njengebala lemvelo lapho izigameko zenzeka khona nalapho abalingiswa behlala khona •Indikimba indaba ikhuluma ngani ngamagama nje ambalwa , isib . Uthando ”, Umona nenzondo ”, Ukungathembeki ”, Ububha ”, njl. •Umyalezo isimo sayo indaba nendlela exoxwe ngayo kufanele ikwazi ukukukhombisa ukuthi umlobi uhlose ukwethula myalezo muni, isib . Ukuziphindisela akusizi ”, njl. •Ukusetshenziswa kolimi.
Slide 5
Isingeniso = Isingeniso sendaba emfushane kufanele siwuthwebule umqondo. Ofunda indaba kumele kube nento emthathayo yenze umqondo wakhe ufise ukunamathela endabeni. Kumele sihehe isingeniso sendaba emfushane. Lokhu umbhali ukwenza ngendlea yokuthi kulowo ofundayo kube nemibuzwana azibuza yona indaba isaqala nje Umzimba = Nxa umbhali eseyethulile indaba yakhe, kumele amenze ahlalele phezulu njalo oyifundayo, ize iyophela. Isiphetho = Lapha-ke kusuke sekuthukululwa ifindo. Qaphela! Imigomo yokuhlaziya indaba emfushane awukwazi ukuyisebenzisa ukuhlaziya ama-eseyi ngokuthi wona abhekana nesihloko esithile futhi awanayo imininingwane eminingi njengendaba emfushane. Umsebenzi
Quer criar seus próprios
Slides
gratuitos
com a GoConqr?
Saiba mais
.
Semelhante
TERMOQUÍMICA
Yani
Molaridade
Alessandra S.
Como criar um Mapa Mental
Alessandra S.
Garantias Fundamentais
Wander
Processo de Cicatrização
Letícia Silva
O Renascimento
Professor Junior
Phrasal Verbs - Inglês #11
Eduardo .
Ramos do Direito
Felipe Lima x.
Português - Formação das Palavras
Kleber Decol
SIMULADO 1 - CTFL - AT
Jorge Ricardo
I wish I..
Joao Antonio
Explore a Biblioteca