Indaba emfushane IsiZulu (HL) Grade 9

Description

Isifundo
Gerald Sibiya
Slide Set by Gerald Sibiya, updated more than 1 year ago
Gerald Sibiya
Created by Gerald Sibiya over 4 years ago
394
0

Resource summary

Slide 2

    •Indaba emfushane indaba esiyilandiswa ngumlobi ngesigameko esithile. •Isihloko sendaba emfushane sisetshenziselwa ukuheha umfundi. •Imfushane, ivame ukuba namakhasiama-3 kuyakwayi-10. •Yethula umlingiswa othile nenkinga abhekenenayo, esikhathini esifushane, endaweni eqoqekile. •Ibhekana nesigameko esisodwa nje kuphela.
    Izimpawu zendaba emfushane

Slide 3

    Ukuze ukwazi ukusho ukuthi indaba emfushane ibhaleke kahle noma cha, landela nansi imigomo engezansi: •Abalingiswa bangaba babili noma babe bathathu kodwa bangeqi kwabahlanu. •Kumele ibe nento eyodwa ehlaba umfundi umxhwele ukuze akwazi ukuyiqeda. •Kumele umlobi akhethe isigameko esisodwa, isikhathi esifushane, endaweni eqoqekile. •Kumele ibe nomlingiswa oyedwa oqavile owenza izinto. •Kumele ibe nesakhiwo esibumbene–esinomuntu obheke ukuzuza okuthile (lowo muntu angaphumelela noma ehluleke).
    Imigomo yokuhlaziya indaba emfushane

Slide 4

    •Isihloko ukufinyezwa ngokuphelele kwendaba.   •Abalingiswa. Umlingiswa oqavile : indaba yonke yakhelwe phezu kwakhe , kwezinye izindaba wethulwa ekuqaleni nje kwendaba ngisho noma ngabe akakhulumi ekuqaleni singezwa abanye abalingiswa bekhuluma ngaye . Abalingiswa ababalulekile : okuningi okuvelela umlingiswa oqavile kudalwa yilaba . Nabo bangatholakala kuyo yonke indaba. Indaba ngeke yayithatha indlela ehamba ngayo ukuba abekho . Abalingiswa abancane : abanalo iqhaza elingako kodwa endabeni ebhaleke kahle abekho abalingiswa abantantayo nje ngoba nabo laba abancane banamagama abo. Kuyenzeka omunye umlobi avele abachaze ngokuthi umfana ”, intombazane ” noma ingane ” kungabi nagama.   •Izigameko okuthile okwenzekayo , okungathathwa ngokuthi kunesiqalo nesiphetho , okungahlukaniswa ngokuthi yizenzo ezibonakalayo kanye nemicabango   •Isikhathi izigameko endabeni zingenzeka esikhathini sakudala noma samanje. Ziba khona izinto endabeni ezivezayo ukuthi indaba yenzeka nini.   •Indawo ingathathwa njengebala lemvelo lapho izigameko zenzeka khona nalapho abalingiswa behlala khona •Indikimba indaba ikhuluma ngani ngamagama nje ambalwa , isib . Uthando ”, Umona nenzondo ”, Ukungathembeki ”, Ububha ”, njl.   •Umyalezo isimo sayo indaba nendlela exoxwe ngayo kufanele ikwazi ukukukhombisa ukuthi umlobi uhlose ukwethula myalezo muni, isib . Ukuziphindisela akusizi ”, njl.   •Ukusetshenziswa kolimi.

Slide 5

    Isingeniso = Isingeniso sendaba emfushane kufanele siwuthwebule umqondo. Ofunda indaba kumele kube nento emthathayo yenze umqondo wakhe ufise ukunamathela endabeni. Kumele sihehe isingeniso sendaba emfushane. Lokhu umbhali ukwenza ngendlea yokuthi kulowo ofundayo kube nemibuzwana azibuza yona indaba isaqala nje Umzimba = Nxa umbhali eseyethulile indaba yakhe, kumele amenze ahlalele phezulu njalo oyifundayo, ize iyophela. Isiphetho = Lapha-ke kusuke sekuthukululwa ifindo. Qaphela! Imigomo yokuhlaziya indaba emfushane awukwazi ukuyisebenzisa ukuhlaziya ama-eseyi ngokuthi wona abhekana nesihloko esithile futhi awanayo imininingwane eminingi njengendaba emfushane.   Umsebenzi
Show full summary Hide full summary

Similar

Subh Milis le Seamus O Neill
l.watters97
Driver's Exam
darrinmagnus
Population Vocbulary
ambika.dhir
USA stock market collapse
Emily Tisch
unit 1 f321 chemistry ocr
methmip
English Language Terms
ekimlauretta
Joomla Extension
Santi Sounsri
OCR Gateway Biology Flash Cards
Sam Newey
Anatomy and Physiology - BIO 111 - Test #1 Flashcards
ajudkins
Characters in "An Inspector Calls"
Esme Gillen
Comparative Studies 2016: The Plough and The Stars, Foster, The King's Speech
Lorenzo Battilocchi